Izithakazelo Zakwa Gumede, Gumede Clan Names

Bakwethu namhlanje sibone kufanele sinilethele izithakazelo zakwa Gumede njengoba abaningi benu becelile. Nakho nje sesize safika nazo qathatha.

Izithakazelo zakwa Gumede nazi:

Mnguni,

Qwabe,

Mnguni kaYeyeye,

Osidlabehlezi bakaKhondlo kaPhakathwayo,

Abathi bedla, babeyenga umuntu ngendaba

Abathi "dluya kubeyethwe",

Kanti bahlinza imbuzi,

Bathi umlobokazi ubeyethe kayikhuni,

Sidika lolodaba,

Phakathwayo!

Wena kaMalandela,

Ngokulandel' izinkomo zamadoda,

Amazala-nkosi lana!

Mpangazitha!

Nakhu phela sekuqhamuka nalaba o Mpangazitha kanti sike sababona bevela laphayana ngesikhathi sihaqa abantu bakwa Mncwango.

Post a Comment

Previous Post Next Post